|
|
Title
|
Amagugu
|
| Author |
Nozizwe Madlala |
|
Language
|
isiZulu
|
|
Level
|
ABET Level 1/Grade 1- 3
|
|
ISBN
|
978-1-874897-73-6
|
Kulencwadi abadala nabancane bangafunda amagama amaculo ajwayelekile futhi aziwayo: imilolozelo, amaculo emishado kanye namanye adumile.
Adults and children can read and learn the words to well-known children’s songs, wedding songs, lullabies and popular songs.
|
|
Title
|
Imali kamalume
|
|
Author
|
Phumla Dlamini
|
|
Language
|
isiZulu
|
|
Level
|
ABET Level 1/Grade 1- 3
|
|
ISBN
|
978-1-86840-297-7
|
Umalume wayenemali eningi, enamatekisi, izitolo nezindlu. Akazange asitshele ukuthi waceba kanjani. Kwase kuba nesehlakalo esenzeka saveza iqiniso.
My uncle had a lot of money, taxis, shops and houses. He never told us what made him so rich. Then there was an incident that revealed the truth.
|
|
Title
|
Inkinga kaNompi noThemba
|
| Author |
Nozizwe Madlala
|
|
Language
|
isiZulu
|
|
Level
|
ABET Level 1/Grade 1- 3
|
|
ISBN
|
978-0-86980-860-3
|
Lendaba ikhuluma ngenkinga ebhekene nezithandani, uNompi noThemba. Sithola uMaNene, unina kaThemba engena ezindabeni zothando zika Themba noNompi. Inkinga yaqala kanjalo. UMaNene ugcina elibonile iphutha lakhe.
Nompi and Themba have serious mother-in-law problems. Nompi discusses her problem with her friend Nono.
|
|
Title
|
Izindaba zika Nokuthula
|
|
Author
|
Nokuthula Mvubu, Uphutha likaMbube
|
|
Language
|
isiZulu
|
|
Level
|
ABET Level 1/Grade 1- 3
|
|
ISBN
|
978-1-86840-299-1
|
UMbube uyakuthanda ukudla notshwala. Ngelinye ilanga uya emngcwabeni kaShabalala, lapho inkulumo yakhe ikhalisa wonke umndeni.
Mbube liked food and beer. One day he attended Shababala’s funeral, where his speech made everyone cry.
Obani laba abalapha ethempeleni UNgubane ufuna ukuthokozisa abasekhweni lakhe, ngakho uyavuma ukuya nabo esontweni okokuqala ngqa selokhu wazalwa. Ngaphambi kokuba inkonzo iqale wenza iphutha elihlekisayo.
Ngubane wants his in-laws to be happy, so he agrees to go to church with them for the first time in his life. Before the sermon starts he makes a mistake.
|
|
Title
|
UMahlase uvakashela edolobheni
|
|
Author
|
Cedric Xulu
|
|
Language
|
isiZulu, English and Sepedi
|
|
Level
|
ABET Level 1/Grade 1- 3
|
|
ISBN
|
978-1-86840-298-4
|
UMahlase waya edolobheni ukuze athole imali yokondla umndeni wakhe. Ziningi izinto ezamhluphayo. Waya eWimpi ecabanga ukuthi kusemzini othile onedili.
Mahlase went to town to look for a job to get money to support his family. He had so many problems. He finally went to a Wimpy thinking it was a party in someone’s house.
|
|
Title
|
Umndeni wakwaNkosi
|
|
Author
|
Elda Lyster
|
|
Language
|
isiZulu, English (original language), isiXhosa, Sesotho, Afrikaans and Sepedi
|
|
Level
|
ABET Level 1/Grade 1- 3
|
|
ISBN
|
978-0-86980-854-2
|
Njengabo bonke abantu, banezinto abazithandayo kanye nabangazithandi. Banezifiso, kanye namaphupho.
This very basic reader describes each member of the Nkosi family in terms of what they like, do, feel and dream.
 |
Title |
Umntwana ozelwe
|
| Author |
Helen Brain
|
| Language |
isiZulu/Grade 1-3
|
| ABET Level |
ABET Level 1/Grade 1-3
|
| ISBN |
978-1-86840-704-0 |
Umfundisi kanye nonkosikazi wakhe babanamahloni uma indodakazi yabo ibatshela ukuthi isizoba nomntwana. Lapho umntwana esefika, zonke izinto zashintsha.
|

|
Title
|
Ayikho lento
|
|
Author
|
Thabile Fakazi
|
|
Language
|
isiZulu
|
|
Level
|
ABET Level 2/Grade 4-5
|
|
ISBN
|
978-1-86840-684-5
|
UMnumzane Nzuza nomkakhe uMaSithole babehlala ngokujabula nomakhelwano babo, uChamane nomkakhe uMaMzimela. UMaSithole wayengathokozile ngokuhamba komnyeni nowayevame ukuba asebenze kusihlwa. UMaMzimela wamqinisekisa ngokuthi nowakhe umnyeni usebenza ebusuku.
Langa limbe ukuhamba kwala madoda kwafika esiphethweni esingujuqu lapho womabili ethola okuthile okushaqisayo.
Mr Nzuza and his wife MaSithole lived happily with their neighbours, Mr Chamane and his wife, MaMzimela. MaSithole was worried that her husband travelled for work and often had to stay away overnight. MaMzimela reassured her by telling her that her husband also sometimes worked night shift.
One night both men’s travelling days came to a sudden end when they each made a startling discovery.
|
|
Title
|
EMkhumbane
|
|
Author
|
Nomadiphu Khumalo
|
|
Language
|
isiZulu
|
|
Level
|
ABET Level 2/Grade 4-5
|
|
ISBN
|
978-1-874897-59-0
|
UNomadiphu Khumalo ukhumbula impilo yaseMkhumbane ngo-1929 kuya ku-1959: umdanso kwaMgenge, ukuboshelwa utshwala kanye nokusokola kwamakhosikazi.
Nomadiphu Khumalo remembers life in the Cato Manor/Chesterville area from 1929 until 1959: dances at Mgenge’s place, liquor raids and the women’s struggles.
|
|
Title
|
Inkositini – UKhathazile ulandela inhliziyo yakhe
|
|
Author
|
Khathazile Gasa
|
|
Language
|
isiZulu
|
|
Level
|
ABET Level 2/Grade 4-5
|
|
ISBN
|
978-0-86980-839-9
|
Lendaba yothando eyiqiniso ixoxwa uKhathazile Gasa, esixoxela ngemizamo yakhe nesoka lakhe uGasa, elalidlala inkositni, ukuthola injabulo.
This true love story told by Khathazile Gasa tells of her struggle to find happiness with her one true love, Gasa, the concertina player.
|
|
Title
|
Ilobolo
|
|
Author
|
Robert Mchunu
|
|
Language
|
isiZulu
|
|
Level
|
ABET Level 2/Grade 4-5
|
|
ISBN
|
978-1-86840-683-8
|
Uthando lokuqala lukaMnumzane Ngubane kwakuzinkomo zakhe. Wayetha izinkomo zakhe izibongo. Ngekathi omakhelwane befika bezolobola indodakazi yakhe wabatshela ngokushesha ukuba mabalande izinkomo. Wayejabule ukuthi wayezothola ezinye izinkomo.
"Kwathi lapho abakhongi beletha izinkomo bahlangabezana nezimbila zithutha."
Mr Ngubane’s first love was his cows. He gave his cattle praise names. When his neighbours came to start negotiations to marry his daughter, he immediately told them to bring the cows to pay the lobola. He was very happy that he was going to get more cows.
But when the cows were brought to his homestead, Mr Ngubane was in for a very big surprise.
|
|
Title
|
Kusindwe ngobethole
|
|
Author
|
Myma Ngwenya
|
|
Language
|
isiZulu
|
|
Level
|
ABET Level 2/Grade 4-5
|
|
ISBN
|
978-1-86840-681-4
|
UMaShezi wayezimisele ukuthi umshado wendodakaziyakhe ube ngundabuzekwayo. Emva kokukhuzwa ngumyeni wakhe, wagqugquzela indodakazi yakhe ukuba ilahle amasiko egxile emalungiselelweni omshadokazi.
Usuka lomshado lwafika nesonto lalilihle. Izicebi zeza zisuka eduze nakude zihamba ngezimoto zazo zakwanokusho.
Kodwa-ke, ushado awuhamganga njengoba kwakuhleliwe. Umfundisis wayesanda kuqeda nje inkonzo yomshado ngesikhathi kuzwakala ubumayemaye ngemuva kwesonto...
MaShezi was determined that her daughter’s wedding would be the best the area had ever seen. Despite her husband’s disapproval, she encouraged her daughter to ignore tradition and participate in the elaborate preparations for a huge wedding party.
The day of the wedding arrived and the church looked beautiful. Rich people came from close and far in their fancy cars.
However, the wedding did not turn out quite as planned. The priest had just concluded the wedding ceremony when there was screaming at the back of the church…
|
|
Title
|
Ngingenzenjani uma kuyimi? Usizo nge-AIDS
|
|
Author
|
Nozizwe Madlala & Wendy Annecke
|
|
Language
|
isiZulu, English (original language), isiXhosa and Sesotho
|
|
Level
|
ABET Level 2/Grade 4-5
|
|
ISBN
|
978-1-874897-77-4
|
UJack nowakwakhe uLindi bathola ukuthi banegciwane le-AIDS. Abangane babo basesontweni bafunda kabanzi ngalesifo nokuthi bangenzenjani ukubhekana naso nokusivikela.
Jack and his wife Lindi find out that they are infected with the AIDS virus. Their friends in the church group learn about the disease and about how to cope with it and prevent it.
|
|
Title
|
Sengikhulile
|
|
Author
|
Nomadashi Memela
|
|
Language
|
isiZulu
|
|
Level
|
ABET Level 2/Grade 4-5
|
|
ISBN
|
978-1-874897-66-8
|
UNomadashi Memela wazalwa ngempi yamaNgisi namaBhunu. Uxoxa ngezigameko empilweni yakhe: isikhonyane, umshado wakhe kanye nokufika kwenkosi yamaNgisi eThekwini uKing George.
Born during the Anglo-Boer war, Nomadashi Memela tells about some of the main experiences of her life: the locust plague, her wedding and King George V’s visit to Durban.
|
|
Title
|
Ukumelana nokudlwengulwa
|
|
Author
|
Sonya Keyser & Brett Purdon
|
|
Language
|
isiZulu and English (original language)
|
|
Level
|
ABET Level 2/Grade 4-5
|
|
ISBN
|
978-1-86840-172-7
|
Wenzenjani uma udlwenguliwe? Kwenzakalani esiteshini samaphoyisa, kudokotela kahulumeni nasenkantolo? Lencwadi inikeza izeluleko ngokudlwengulwa ibuye ibe nohla lwezinhlangano ezinikeza usizo kulabo abadlwenguliwe.
What do you do if you have been raped? What happens at the police station, at the District Surgeon and at the court? This book gives practical advice about rape and provides a list of organizations that offer help to survivors of rape.
|
|
Title
|
Uthando luyefana
|
|
Author
|
Sizakele Gumede
|
|
Language
|
isiZulu
|
|
Level
|
ABET Level 2/Grade 4-5
|
|
ISBN
|
978-1-86840-682-1
|
UMaKhumalo wayeneminyaka engu-40 futhi wayengakazeafuye silwane. Wayekhume ekholwa ngukuthi amakati awalungile, nokuthi ayelanda inyoka ehlathini ayelethe ekhaya.
Khonamanjalo abantwana bakhe bamncenga ukuba abatholele umthinyane. Ngokuhamba kweminyaka kukhona okwenzeka okwenza uMaKhumalo abone ukuthi uthando luyefana noma ngolwezilwane noma abantu.
MaKhumalo was 40 years old and had never had a pet in her life. She grew up believing that cats were no good, that they would get snakes from the forest and bring them into the house.
Eventually her children persuaded her to get a kitten. Years later, something happened which made MaKhumalo realise that love is the same whether it is for an animal or a person.
|
|
Title
|
Uxamu kavinjelwa
|
|
Author
|
Siphiwe Gumede
|
|
Language
|
isiZulu
|
|
Level
|
ABET Level 3/Grade 6-7
|
|
ISBN
|
978-1-868406-85-2
|
Iphupho likaSizwe kwakungukuba ngumshayi sibhakela uma esemdala kepha uyise wamalela ukuba adlale lo mdlalo. Washintsha isikole kanti esikoleni esisha kwakuneqembu labashayi sibhakela. Walijoyinaiqembu engamtshelanga ubaba wakhe. Lapho uyise ethola wathukuthela wamxosha. Abanye abafana eqenjini baba nomona ngoSizwe bazama ukumcekela phansi.
Funda ukuthi uSizwe wabunqoba kanjani bonke ubuzima ukuze afeze iphupho lakhe.
Sizwe’s dream was to be a boxer when he grew up. He loved boxing, but his father refused to allow him to box. Then he changed schools and his new school had a boxing team. He joined the team without telling his father. When his father found out he was furious and threw him out of his house. The other boys in the team were jealous of Sizwe and tried to sabotage him.
Read about how Sizwe overcame all his difficulties to achieve his dream.
|
|
Title
|
Ezababuya emazweni
|
|
Author
|
Ronnie Bhengu
|
|
Language
|
isiZulu
|
|
Level
|
ABET Level 3/Grade 6-7
|
|
ISBN
|
978-1-874897-64-4
|
URonnie Bhengu ubhala ngempilo yakhe esekudingisweni kusukela
URonnie Bhengu ubhala ngempilo yakhe esekudingisweni kusukela ngesikhathi eshiya kuleli ngo-1981 nokubuya kwakhe ngo-1991. Leminyaka eyishumi wayichitha eBotswana, Bulgaria, Angola naseTanzania.
Ronnie Bhengu writes a personal account of his life in exile from the time when he left the country in 1981 until his return in 1991. During these 10 years he lived in Botswana, Bulgaria, Angola and Tanzania.
|
|
Title
|
Indoda Yezihlahla: Indaba kaRobert Mazibuko
|
|
Author
|
Joanne Bloch
|
|
Language
|
isiZulu and English (original language)
|
|
Level
|
ABET Level 3/Grade 6-7
|
|
ISBN
|
978-1-86840-174-1
|
URobert Mazibuko, Indoda Yezihlahla, washona ngo-1994 eneminyaka engamashumi ayisishagalolunye. Empilweni yakhe wachitha isikhathi sakhe efundisa abantu ukwenza umhlabathi unothe kanye nokutshala imifino nezihlahla. Njengoba aye asho athi, “Ngaphandle komhlabathi akukho lutho.” Lena indaba yakhe kanye nezeluleko ngamazwi akhe.
Robert Mazibuko, the “Tree Man”, died in July 1994 at the age of 90. He spent his life teaching people how to make the soil rich and how to plant vegetables and trees. As he said, “Without the soil, there is nothing.” This is his story and advice in his own words.
|
|
Title
|
"Shoooooes!" Indaba kaLeonard Gregory
|
|
Author
|
Peter Rule
|
|
Language
|
Zulu, English (Original Language), Xhosa, Afrikaans
|
|
ABET Level
|
ABET Level 3/Grade 6-7
|
|
ISBN
|
978-1-86840-675-3
|
ULeonard Gregory wayengumdlali webhola elikhokhelwayo. Maningi amagoli aphumelela ngenxa yakhe. Wayedlala indawo ephakathi enkudleni, futhi uyena owayewungqondongqondo emdlalweni. Izethameli zazihlokoma zithi “Shoooooes!” ngesikhathi uLeonard esephethe ibhola eqonde emapalini.
Ngelinye ilanga yonke into yashintsha. ULeonard waba sengozini embi kakhulu, walahlekelwa ukusebenza kwemilenze yakhe. Le ndaba imayelana nokholo luka Leonard nokuthi wamelana kanjani nempilo yakhe entsha, wabuye watshengisa ukuthi abantu abakhubazekile bangabamba iqhaza emiphakathini yabo.
Leonard Gregory was a professional soccer player. Many goals started at his feet. He played in the central mid-field and "pulled the strings" in matches. The crowd would roar "Shoooooes!" when Leonard gathered the ball and headed for the goal posts. Then one day everything changed. Leonard had a terrible accident and lost the use of his legs.
This story is about Leonard's faith and how he coped with his new way of life and showed that people with disabilities can participate in and contribute to their communities.
|

|
Title
|
Utshwala, amaculo nezixakaxaka
|
|
Author
|
Sibongile Sithole
|
|
Language
|
Zulu, English (original language), isiXhosa and Sesotho
|
|
Level
|
ABET Level 3/Grade 6-7
|
|
ISBN
|
978-0-86980-859-7
|
USibongile Sithole uxoxa ngezigameko empilweni yakhe njengomama, umngane kanye nenkosikazi. Lezindaba uzixoxe ngesiZulu emuva kwesasasa lebhuku lakhe lesiNgisi elibizwa: Beer, songs and quarrels.
Sibongile Sithole tells true stories about her life as a mother, friend, wife and daughter. These stories have been retold by Sibongile Sithole in Zulu due to the popularity of the English version: Beer, songs and quarrels.
|
|
Title
|
Wafa Ephila
|
|
Author
|
Johnson Kwamlah
|
|
Language
|
isiZulu
|
|
Level
|
ABET Level 3/Grade 6-7
|
|
ISBN
|
978-1-874897-65-1
|
Lencwadi ikhuluma ngomfana igama lakhe nguSaki owabe ekhule engamazi uyise. Kufika isalukazi angasazi simtshela ukuthi uyise usekhona. Lokhu kuphambana nolwazi analo ngoyise. Simthola kulencwadi ebuza unina kabanzi mayelana nalendaba ayizwe ngesalukazi. Ekugcineni simthola elithola lonke iqiniso ngoyise. Funda uzitholele ngaleli qiniso.
This book is about Saki, who grew up believing his father to be dead. Finally, he uncovers the tragic secret his mother had kept hidden from him.
Back to Online Catalogue
|